Umuthi wokuxosha isikhova ekhaya mahala ukuthi ngalesikhathi isikhova ebusuku sikhala sibanga umsindo phuma ubase umlilo bese uthatha isikhuni esivuthayo ujikilele isikhova ngaso isikhova asiyifuni into ekhanyayo nevuthayo sizohamba kothatha iminyaka ukuthi sibuye futhi kungenzeka sihambe unomphela siyojwayela ezinye izindawo. Inkinga yokuchela ngomuthi umuthi uchela ekhaya kuphela, isikhathi esiningi isikhova sihlale eduze nomuzi ezihlatheni ngaphandle kwegceke angeke wahamba wayochela endle abantu bazothini. Uma uno cricket futhi lona oyaphezulu uwulathile uwubhekise lasikhala ngakhona. Ngizozwa ngani kuma comments uma kungasebenzi lokhu sesingabheka emithinike.
Ukukhala kwesikhova phezu kwendlu akumele kwenzeke ngokomthetho wesizulu isikhova asingeni egcekeni ngokujwayelekile sikhala ezihlahleni eziseduze nomuzi kulapho sijwayele ukuhlupha khona uma sesikhala phezu kwendlu kusuke sekuchaza ububi. Ukumele ufune intelezi uchele njalo ntambama, uchele naphezu kwezindlu.
Isikhova emini sisengabafana sizingela kwakuke kuqhamuka isikhova ehlathini emini, kodwa sindiza kancane emini, sisuse sizela. Sasike sisibambe isikhova siyosidayisela abathaka imithi. Isikhova emini asinalutho sisuke siseliwe noma siphazamisekile, ngokwelusa kwami ngazi ukuthi sijwayele ukuzanyiswa izinyoni ziyasivusa zisincofe emini.
Umuthi wokuxosha isilwane okungaba isikhova utikoloshe umkhovu kunezinyamazane ezinuka kakhulu ezakhiwele ukushiswa egcekeni zona lezo zinyamazane zizokusiza kakhulu.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.